
Galaletsang Mekgoe yintokazi yase North West lapho edabuka khona egijimela iqembu labasubathi, iNedbank Running Club ngaphansi komqeqeshi Dave Adams. Lentokazi iqale ukujima ibanga elide ku Nedbank Runified 50 km lapho yenze khona isikhathi esihle sika 3:33:23.
Uqophe umlando wokuba ngumsubathi wokuqala kubantu abamnyama ongena kuphozishini 5 emlandweni we Comrades Marathon kusukela ngo 1921 eyasungulwa ngawo. UGalaletsang usubatha nabasubathi abanohlonzo olunzulu abaholwa ngu kaputeni Edward Slender Mothibi, Daniel Matshailwe, Joseph Manyeni, Onalenna Khonkhobe kanye noMorena Tete Tijani.
Unyaka ofile kuyena awubanga muhle njengoba engayiqedanga iComrades Marathon ngenxa yokuthinteka edolweni. Ulandela uFikile Mbuthuma oseke walinqoba igolide le Comrades Marathon njengoba waphuma unombolo 7, kanti uJenet Mbhele yena uphume nombolo 10 ngonyaka odlule.
Labasubathi ababili kulindeleke ukuthi baphinde bamele abantu abamnyama besibhuda ku Comrades Marathon.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
