
UJoseph Kamwendo owayengumdlali we Orlando Pirates ukhala ngokudayiswa kukaLorch, edayisela iMamelodi Sundowns FC. “Mina ngempela angiqondi ukuthi Orlando Pirates ukuthi imdayise kanjani uLorch ku Mamelodi Sundowns FC.
Ngoba iMamelodi Sundowns FC yimbangi yangempela ye Orlando Pirates, manje abaphathi be Orlando Pirates banquma ukunika amandla isitha, lesenzo sabo babulale Orlando Pirates ngemali pho. Kungcono ukuba bamthengisele phesheya kwezilwandle noma bambolekise khona.
Kumanje uLorch mangabe evuka emaqandeni ku Mamelodi Sundowns FC ngabe bayokhonani ukumvimba, khona abadlali abavukayo kwamanye amaqembu amakhulu, abafana no Gift Mpo Leremi, Lebohang Cheaseboy Mokoena.
ULorch besithembele kuyena mangabe Orlando Pirates idlala nezimbangi zayo ngoba beseyinsila ye Orlando Pirates ngoba unomlando onzima kakhulu ku Orlando Pirates njengoba engumdlali owangena emabhukwini okushaya amagoli emdlalweni womkhaya.” kuqhuba lenkakha.
Lokho akwenzeki kunomangabe yimuphi umdlali ku Orlando Pirates. uhambe ezinyathelweni zo Jomo Sono, Nicolas Bazooka Seshweni, Marks Maponyana, Jerry Sikhosana, Lesley Manyathela, Andries Sebola, Joseph Ngake, Helman Mkhelele. Albert Bashin Mahlangu.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
