IBafana Bafana iguqe njengamaqhawe ku Afcon

IBafana Bafana iguqe njengamaqawe ku Nigeria njengoba umdlalo uphele zibambene ngo 1-1 lamagoli kube ngamaphenathi womabili. IBafana Bafana iyona ethole amathuba amaningi ngesiwombe sokuqala kodwa yawayeka, iNigeria ayikaze ithole amathuba ngesiwombe sokuqala.

Ngesiwombe sesibili ibuye ngamandla isihlasela kakhulu iNigeria, lapho igcine ngokuthi ithole iphenathi edalwe ngukuxhamazela kwabadlali basemuva be Bafana Bafana. UMothobi Mvala nguyena odlalisekabi uVictor Osimhem ebhokisini unompempe wangananaza wayikhomba emlotheni.

Ukaputeni we Nigeria William Troots Ekong uyiqobele phakathi ngemuva kwemzuzwana iNingizimu Africa ithole iphenathi ngokudlaliswa kabi ebhokisini uPercy Tau. Abadlali be Bafana Bafana bakhonondile unompempe obephethe umdlalo wayobheka kuVAR wabuya wayikhomba emlotheni.

Wayithatha uTeboho Mokoena wayibeka phakathi. ngemuva kwalapho iBafana Bafana ithole amathuba yawalahla, iNigeria ekade isivuza. Elinye lamathuba amqoka liwele uKhuliso Modau phakathi ebhokisini kumele aliphushele enethini wakha amabhilidi. Lomdlalo uye esikhathini esingeziwe sikanompempe. IBafana Bafana idlale kahle njengoba ibiligcina ezinyaweni zayo, iNigeria kubenzima kakhulu kuyona ukusondela.

Kuphume uGrant Kekana ngekhadi elibombu ngemuva kokudlala kabi umgadli we Nigeria. IBafana Bafana igcine inqontshiwe kumaphenathi ngo 4-2


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.