
UMengameli weConfederation of African Football (CAF), uPatrice Motsepe, usolwa ngokuba nomthelela emiphumeleni yemidlalo ye-Africa Cup of Nations (AFCON) ngokuhambela yonke imidlalo yezwe lakubo, iNingizimu Afrika.
Ngokubika kwe-website yaseMorocco, i-SATV.ma, izingqapheli nabahlaziyi balo mqhudelwano bazwakalise ukukhathazeka ngokuhlala kukaMotsepe emidlalweni yeBafana Bafana, bebuza ukuthi ngabe ukuya kukaMotsepe ngamabomu ku-Afcon kuqubula ingxabano noma ngabe kuphazamise ukusebenza konompempe nabadlali kanye neizikhulu zeVAR.
I-website iphakamise ukuthi ithonya likaMotsepe kungenzeka liholele ekutheni iNingizimu Afrika ithathe izinqumo ezivunayo, okubanika ithuba lokubhekana nezimbangi zabo futhi okungenzeka ukuthi ibaholele ekubeni ngompetha be-Afcon, “okungaba umcimbi ongashintsha ibalazwe lebhola e-Afrika”.
UMotsepe, oneminyaka engu-62 ubudala, uyihambele yomibili imidlalo yomkhumulajezi yaseNingizimu Afrika ngesonto eledlule, eyibuka ihlula iMorocco eSan-Pedro neCape Verde eYamoussoukro. Kulindeleke ukuthi ahambele umdlalo wabo owandulela owamanqamu neNigeria, kanye nakweminye eyandulela owamanqamu phakathi kwe-Ivory Coast neDR Congo.
Nokho akubona bonke abakugxekayo ukungenela kukaMotsepe kulo mqhudelwano. Iphephandaba lama-Arab limncome “ngokuba khona njalo kuyo yonke imidlalo”, lathi useyibeke kwelinye izinga indima yokuba ngumengameli we-CAF. Leli phephandaba licaphune isikhulu se-African Union esithe uMotsepe usebenzisa indiza yangasese ukuya emadolobheni ahlukene nokubuka imidlalo eminingi ngosuku.
INingizimu Afrika izimisele ngokunqoba okwesibili isicoco se-AFCON, ngemuva kokunqoba kwayo ngo-1996. INigeria ibheke isicoco sayo sesine, kanti i-Ivory Coast ne-DR Congo zinethemba lokuphakamisa le ndebe okwesithathu nesesibili ngokulandelana kwazo.
Umdlalo owandulela owamanqamu we-AFCON ka-34 uzoqala ngo-19:00 nango-22:00 ngoLwesithathu. Umdlalo wamanqamu uzodlalwa ngeSonto, ngoFebhuwari 11, eStade Félix Houphouët-Boigny e-Abidjan.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
