UThokozani Msalofu Ngobese, ongumshayeli wetekisi nophinde abengumelaphi wendabuko ubenegxoxo lapho abikele khona IBUNDA IZINDABA, ngokuhlela kwemisebenzi yakhe, njengoba enza owenyama kanye nowedlozi. UNgobese omsebzni wakhe wenyama kuwukushayela itekisi elihambela amabanga amade, kumzila waseThekwini kuya ePMB kuyenase-Greytown. Uchaze ngesikhathi eqala yomibili lemisebenzi.
UNgobese ukhulele eMabomvini esigodini sakwa Menyezwayo wabe esephothula ibanga leshumi eMashingizela High School. UMsalofu Ngobese waficwa ubizo lokwelapha ngo 2021ephakathi kuwo lomsebenzi wokushayela, wabe esewamukela, wathwasa waze waphothula ukuthwasa kanti usesesebenze iminyaka engu 17 kulemboni yamatekisi.
UMsalofu kumanje ulapha izifo ezifana nezinyawo, ezinezilonda, nezibhibhayo kanjalo nebhande eliqalayo kanti, usesize abashayeli abaningi abaphathwa yizinyawo namanesi, namalungu omphakathi.
Lomshayeli wamtekisi uhambela amabanga amade futhi uncoma abagibeli bakhe ngokubambisana nabashayeli abasuka eKFC eRank yase Pmb. Lomshayeli ombona uze nje ukuthi uyiqhathanzipho, uthi ukuhlanzeka kubalulekile kulomsebenzi ngoba kuyinhlaliswano yabantu ayi ngoba eyeqhathanzipho. Lensizwa awubuzi ukuthi bathanda kanjani namanzi ngoba nemonto ehamba yena ihlale ihlanzekile. janti umangabe ufuna ukuthola usizo lokwelashwa izinyawo nebhande ungamthola e-MD Wholesaler opposite KFC Grey Street Durban. Uphinde atholakale kwabase Mgungundlovu, KwaDukuza, eThekwini, ungaxhumana naye kulenombolo yocingo 0742974041 noma whatsapp ngamlandela ku Facebook.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.



