AmaZulu FC akhombe indlela umqeqeshi we MDC

URenilwe Yeye Letsolonyane usekhonjwe indlela eqenjini laMaZulu FC ku MDC ngoba eshaye udaka kuleliqembu elihlezi endaweni yesibili ukusuka emsileni. Usanqobe kuphela imidlalo embili emdlalweni eyishumi nanye, awunqoba kuMoroka Swallows FC ne TS Galaxy wagcina lapho.

Lomqeqeshi ubengabonwa ngalukhalo ngisho ejimini izinsuku ezimbili kanti kumanje kuqhamuka ukuthi uzojoyina iqembu lesizwe labadlali abaneminyaka yobudala engu 20 lapho uzobamba iqhaza lokuba ngumqondisi. ULetsolonyane wazakhela igama kuJomo Cosmos, Kaizer Chiefs, TS Galaxy, Bafana Bafana kanti ubethathe izintambo ku Nini Vilakazi okumanje uyisekela lomqeqeshi u Francisco Martin.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.