
Owayeyilungu le-ANC ePhalamende nophinde abe yisitha zikaMnuz Jacob Zuma kwezombusazwe, uDkt Makhosi Khoza uthi ubengakajoyini iqembu lezepolitiki okwamanje. Uthe usaxoxisana nohlu lwabo ukuze ahlonze eyodwa enezimiso ezinganikeza izixazululo ezingokoqobo ezinkingeni eziningi ezibhekene neNingizimu Afrika.
Akawadalulanga amaqembu akhuluma nawo kodwa-ke, umuntu uyaqonda ukuthi iGap Fixers yaseNingizimu Afrika eholwa nguSbu Mpisane, owayengumyeni kasomabhizinisi waseThekwini uShauwn Mkhize nayo yaya kuye izoqinisa ukuma kwayo emphakathini ngaphambi kokhetho.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi uKhoza owagcina ukuba nekhaya kwezepolitiki kwinhlangano i-Action SA, ashiya kuyo ngemuva kokuthi agxeka kakhulu umholi waleliqembu uHerman Mashaba.
Ukungaboni ngaso linye phakathi kukaKhoza nobuholi be-ActionSA baqala ngesikhathi engenela isikhundla sikaSihlalo wekomiti elibhekele ukusebenza kwezimali zikamasipala (MPAC) eThekwini, nokwadala izinsolo zokuthi ubesebenzisana namakhansela e-ANC ngesikhathi ekhethwa.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
