Abadlali be Mamelodi Sundowns FC bancoma Evidence Makgopa ongumgadli we Orlando Pirates

U-Aubrey Modiba noGrant Kekana bancoma Makgopa ngokuba ngumgadli okhaliphile ngoba uyakwazi ukuhlala ebhokisini mangabe iqembu lihlasela nokwenza umsebenzi wabadlali baseswini ubelula kakhulu. Abalandeli bebhola bakuleli kade bengamthembi kodwa manje usephenduke iqhawe kubadlali beBafana Bafana. Lomgadli uyakwazi ukugcina abadlali basemuva bezimbangi bengahlaseli behlale emuva futhi uyakwazi nokuvula izikhala kahle.

Umqeqeshi uHugo Brooks uyakholelwa kuyena njengoba umenzela umsebenzi omuhle phambili njengoba imidlalo embili yeBafana Bafana uyiqale no Percy Tau lokho kubufakazi njengoba umqeqeshi weOrlando Pirates Jose Riveiro uqala ngaye yonke imidlalo yakamuva. Namagoli uyawashaya manje kahle njengoba amagoli akamuva e-Orlando Pirates ashaywa nguyena. uMakgopa uqale ngokudla amaqwa imidlalo emningi kakhulu njengoba namuhla useyisithenjwa kuOrlando Pirates nakuBafana Bafana noma engakawashayi amagoli.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.