
UXolisile Celo Ngubane ongusomabhizinisi wase Msinga ngaphansi kwesizwe saMabomvu, ukhuthaza intsha ukuthi izibambe ziqine. uNdodo uqale amabanga aphansi kwaDolo Combined School, wadlulela eSomahashi High School lapho ephothule khona ibanga leshumi, wabe eseqala imfundo yakhe yamabanga aphezulu Mangosuthu University of Technology.
Uqale wasebenza ngaphansi komlungu eManzimtoti eNingizimu yeThekwini ngesikhathi ehlala noMalume wakhe, wabe esewushiya phansi lowomsebenzi ngenxa yokuhola imali encane. Waqala inkampani yakhe ogamalayo i-Sibona iGugu Holding, ngenhloso yokuvula amathuba omsebenzi kubantu abasha base Ningizimu Africa naKwaZulu Natal. Utshele IBUNDA IZINDABA ukuthi waqala kancane ezama ukuvelanga kwalunga. “Ngibe sengiphinde ngathenga izimonto ezimbili ngazifaka kwaBolt okuyimanje ziyasebenza khona zombili.” kuqhuba uXolisile.
“Ngiphinde ngaqala iConstruction, lapho ngabona ukuthi kuyasebenzeka kusukalapho angibanga ngisabheka emuva ngahlabela phambili kulomkhamkha wokwakha. Ngikuqonda kahle ukuthi lomsebenzi unezinselelo njengoba uphethwe kakhulu ngabamhlophe nabesilisa, kodwa ngikwazile ukuqhukuza ngoba ngiyazi into engiyifunayo ngalomsebenzi.” kuphetha uNomafu. Lentokazi yaKwaDolo isihambe ibanga elide kakhulu kulomkhamkha wezamabhizinisi.
UCelo ungumafungwase kumama uSbongile Ngubane ongasekho emhlabeni noDerrick Ngubane. UNdodo uyazifela ngomndeni wakhe njengoba uhlala emzini wakhe ezindaweni zabantu abadla izambane likapondo, eMalvern eNingizimu yeThekwini. Ugqugquzele abantu abasha ukuthi baqale amabhizini futhi bengazitheli ngabandayo ngoba uhulumeni wase Ningizimu Africa ungenawo umsebenzi. Kumele baqale ukuvula amathuba omsebenzi ngoba umsebenzi okhona namuhla ngowokuzisebenza.

Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
