Kulimale abantu abangu-10 kushayisana kwetekisi neloli eKZN

KULIMALE umshayeli wetekisi nabagibeli abayisishiyagalolunye ngemuva kokushayisana neloli eCornubia, KwaZulu-Natal. Ngokusho kwabeReaction Unit South Africa (RUSA), le ngozi yenzeke ngezithuba kuBelladonna Road, ngesikhathi ikhumbi kusolakala ukuthi lihlulekile ukuma esitobhini yase ishayisa iloli lohlobo lweNissan UD.

Amalungu akwaRUSA abehambele enye ingozi eduzane alunywe indlebe ngengozi yesibili abe esephuthuma endaweni yesigameko. Bathole ikhumbi emhlophe yohlobo lweToyota Hiace kanye neloli kuvale umgwaqo, abantu abaningi belimele bedindilizile. Abezimo eziphuthumayo bakwaRUSA baphuthumise abalimele endaweni yesigameko babayisa ezibhedlela ezahlukene nge-ambulensi.

Umshayeli weloli akalimalanga engozini. Imbangela yengozi ibingakaziwa kanti abomthetho basaphenya. Okhulumela iRUSA, uPrem Balram, uthe umgwaqo uvalwe amahora ambalwa ngesikhathi izimoto zihudulwa kwasuswa nemfucumfucu. Unxuse abashayeli bezimoto ukuthi baqaphele bahloniphe imithetho yomgwaqo ikakhulukazi ezimpambanweni zemigwaqo nezitobhini ukuze kugwemeke izigameko ezifuze lezi ngomuso.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.