
Kusukela ngo-Okthoba 2023, bangu-11 abantu asebeboshelwe izinsolo zokudayisa izitifiketi zikamatikuletsheni zomgunyathi. Abasolwa ababili bokuqala baboshwa eBurgersfort eLimpopo ngomhla zingama-27 kuMfumfu. Umsolwa oyedwa waboshwa ePitoli ngoNovemba, abathathu abalandelayo baboshwa ngoNovemba 20 kanti abokugcina baboshwa ngomhlaka-13 Disemba 2023, eBurgersfort Limpopo.
Isikhulu salo mkhandlu, uDkt Mafu Rakometsi, sithi ‘omunye owabasolwa uyisisebenzi soMnyango wezeMfundo ePhakeme noQeqesho. Uthi lo muntu waboshelwa ukukhipha isitifiketi se-diploma ngokukhwabanisa ukuze athole ukheshi.’ “Bonke abasolwa babekwe amacala kanti bazovela enkantolo ngenyanga kaJanuwari 2024.”
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
