
Kuboshwe amadoda amane eZimbabwe ase etheswa icala lokweba intambo zethusi ezibiza iP43 000 zaseBotswana Telecommunications Corporation (BTC) eMahalapye. Abasolwa, abaneminyaka ephakathi kuka-22 no-37 ubudala, bamiswe phambi kweNkantolo yeMantshi yaseMahalapye ngamacala amabili, elokweba kanye nelokungena eBotswana ngokungemthetho.
Ngokwamaphepha okuboshwa kwalabasolwa, athi bahlala eTsalamosese eMogoditshane, kantri bahlangane ngenhloso eyodwa eyokusika futhi bentshontshe lamakhebuli ethusi ezingu-384 metres ze-poly-ethaline ze-BTC esigcemeni saseThomadithotse eMahalapye. .
Izintambo ezebiwe ezenani lika-P43 200 kanti zitholwe ngamaphoyisa. Inkantolo iphinde yezwa ukuthi amadoda amane lawa angena eBotswana ngokungekho emthethweni ngokunqamula iRamokgwebana Border eNorth East Administrative District. Imantshi ibuyisele abasolwa esitokisini futhi icala lahlehliselwa uJanuwari 25, 2024, kusaqhubeka uphenyo lwamaphoyisa.
Esigamekweni esihlobene nalesi, amaphoyisa aseSerule avimbe imoto ebithwele izintambo zethusi okusolakala ukuthi zebiwe zenani elingaphezu kuka-P51 000, nazo ezeBTC, ngoMsombuluko. Imoto ishiywe abasolwa abane ababaleke ngezinyawo endaweni yesigameko ngesikhathi bebona amaphoyisa. Amaphoyisa aphume umkhankaso wokuthungatha abasolwa futhi anxusa umphakathi ukuthi ulekelele nganoma yiluphi ulwazi olungaholela ekuboshweni kwabo.
Ukwebiwa kwezintambo zethusi kuyinkinga enkulu eBotswana, njengoba kuphazamisa izinsiza zokuxhumana futhi kubangela ukulahlekelwa kwabahlinzeki bezinsizakalo kanye namakhasimende. Amaphoyisa axwayise umphakathi ukuthi uyeke ukuthenga noma ukudayisa izintambo zethusi, ngoba kungenzeka ukuthi ziyi mpahla yokwebiwa futhi ozotholakala enazo uzobhekana nengalo yomthetho.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
