
Ikhehla elinganiselwa eminyakeni engu 80, elihlala lodwa emzini wodaka ngaphansi komasipala waseMvoti onobubha licela usizo lokwakhelwa umjondolo ongenalo ikamelo. Lomkhulu esiligodlile igama lakhe lihlala endlini edilikayo yodaka futhi oyibonayo nje ukuthi isengavuma phansi noma ngabe yinini ngenxa yesimo ekuso. Lelikhehla libona ingozi yezimvula ezihlasele KwaZulu-Natal futhi enamandla manje lisabela impilo yalo.
Lendawo yase eMvoti indawo enobubha obukhulu, obudalwa ukugqoza kwentuthoko engabonwa njengenkungu yase emini. Ipolitiki seyenze umonakalo omkhulu kulomasipala waseMvoti, njengoba abaholi bakhona bayaklwebhana mihla namalanga esikhundleni sokuthi bahambise izidingo ngqangi empakathini. Kugqame ukungcofana kwezepolitiki kodwa abantu bayafa indlala nobubha kanye nokugqoza kwenqalasizinda.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
