IBafana izofinyelela kuma-quarter final e-Afcon, kusho uMark Williams


Ingwazi yeBafana Bafana ikholelwa ukuthi iqembu lesizwe lebhola lezinyawo laseNingizimu Afrika lingafinyelela kuma-quarter-final e-Africa Cup of Nations. “Bangangena kuma-quarterfinal. Umdlalo weMali kumele bawunqobe,” kusho uMark Williams ebikila IBUNDA IZINDABA ngamathuba eBafana Bafana emdlalweni wendebe ye-Afcon.

Umqhudelwano we-Afcon uyaqala ngoMgqibelo kodwa abalandeli abaningi balindele ukuthi iBafana ikhishwe ekuseni kulemqudelwano wezinkunzi zebhola lase-Africa. U-WIlliams uthi iqembu ngendlela thize lingafinyelela kuma-quarter-final. IBafana ifinyelele esigabeni sama-quarter ku-Afcon ka-2019 nango-2013 kodwa ayikaze idlule kweyisishiyagalombili edlule kusukela ngo-2000.

“Bangangena kuma-quarterfinal. Umdlalo weMali kumele bawuwine noma kanjani. Besilokhu silwa nabo, ngikholwa wukuthi baseduze ne-Ivory Coast kodwa kuzoba nengcindezi enkulu kodwa hhayi kuBafana,” kuqhuba uWilliams.

“Uma iwinile uthola amaphuzu amathathu kanti uma sizophinde sihlule iNamibia sizobanamaphuzu ayisithupha njengoba udinga amaphuzu ayisithupha kuphela ukuze ungenelele endaweni yokuqala noma eyesibili,” kusho lo mdlali odume kuBafana.

INingizimu Afrika ikuGroup E kanye neTunisia, Mali nomakhelwane iNamibia. UWilliams uthi iBafana ibingakasitholi isikhathi sokulungiselela lo mqhudelwano. “Uma uba nesikhathi esiningi, kuba ngcono. Kodwa umqeqeshi uzovuma ngoba laba badlali ubabone unyaka wonke, abanye abadlali ababuyisile kule minyaka emibili esayibambe eqenjini lesizwe.”


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.