
Usuphinde watheleka ngehlazo uMkhandlu kaMasipala waseThekwni ngemuva kokusabalala kweVidiyo enomsebenzi wakulomkhandlu olele emotweni yomkhandlu futhi nezicabha ziuleke zonke. Lesigameko senzeke enxanxatheleni yezitolo iWaterfall, eHillcrest, eThekwni. Ilunga lomphakathi elibone lomhlola libe seliqopha ividiyo ngomakhala ekhukhwini. Kusobala kule vidiyo ukuthi lomsebenzi akalele ngoba ekhathale kepha ulele nje yingoba udle izinkambi zikaFaro wabe eselala kulepaki yezimoto kulelnxanxathela.
Le video yomshayeli olele kamasipala weTheku isiqalile ukuzungeza emaqenjini amaningi kaWhatsapp wabakhokhi bentela. Kulesigameko kuyacaca ukuthi lomsebenzi ubukhile ngoba elele, kwazise izicabha zemoto zivuleke gengelezi kanti nokhiye wemoto usakwi-Ignition. Eduze komshayeli olele kukhona ibhodlela lotshwala, okuqinisekisa ukuthi lomsebenzi ngoba elele nje ubudlile kakhulu.
WATCH: This video of a sleeping driver from eThekwini municipality has started doing rounds in several ratepayers Whatsapp groups. Next to the sleeping driver is a bottle of alcohol. pic.twitter.com/qdjnFA2yQd
— Sihle Mavuso (@ZANewsFlash) January 12, 2024
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
