
UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane, uMphathi woMkhandlu uMr SL Sokhela,uMqondisi woMnyango womphakathi Miss M Xulu kanye nethimba lezinhlekelele bahambele izindawo ezithintekile osukwini layizolo ngenxa yezimvula.UMhlonishwa uhambele kulezindawo ngenhloso yokuyobheka ukuthi ubengakanani umonakalo owenzikile.
UMhlonishwa uMeya uphinde wakhulama nabantu abahlala kulezindawo abasagcinwe eHholo lomphakathi iBathembu Hall ngenxa yokuthi izindawo abahlala kuzona zikhahlamezikile.UMeya uMboma uthe bayabonga ukuthi lenhlekelele yayizolo ayidlulanga namphefulo njengoba kwake kwenzeka eminyakeni eyedlule lapho kwadlula imiphefulo yabantu eminingi.Wathi ubonga ukuthi bona bakwazile ukuphuma besaphila wathi sekuyoba kubona ukuthi basabuyela yini lapho bebehlala khona noma bafuna izindawo ezinye zokuhlala ngeke babathathele isinqumo.
Wabe esecela izinduna ukuthi zizibheke izindawo abazinikeza abantu ukuthi ziphephile yini ukuthi zingahlala abantu ngaphambi kokuthi zibanike indawo yokwakha.
UMhlonishwa ube esebonga uMnyango wakwa Sassa ngokunikela ngokudla kulabo abasagcinwe eHholo lomphakathi.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
