
UNobhala we-ANC esifundazweni KwaZulu-Natal usephinde wagxeka lowo owayenguMengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma. UMtolo usola uMnu. Zuma ngokudayisa amanga nokukhetha uma elandisa ngezigameko zomlando.
UMnuz Bheki Mtolo uthi ukuwohloka kwe-ANC kuqale ngaphansi kukaZuma ngo-2009 lapho behlulwa yiningi okwesibili kwezintathu. Ngokuhamba kwesikhathi ngo-2016 balahlekelwa ama-Metro. UMtolo waphinde wathi iMK Party esanda kwethulwa iyindawo yomndeni wakwaZuma futhi kuhloswe ngayo ukunothisa wona. UMtolo ukusho lokhu namuhla ngesikhathi ekhuluma nomhlangano weSADTU KZN PEC.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
