
Umdlali wasemuva weStellenbosch FC, uDeon Van Rooyen usedonse amehlo amaqembu amakhulu Europe. Lomdlali oqhamuka enkulisa yeStellenbosch FC, usekhombisile ukuthi engayibamba kunomangabe yiliphi iqembu emhlabeni jikelele. UVan Rooyen uqale ukugqama kakhulu eqenjini leStellenbosch FC, ngesikhathi lisisadlala kuMotsepe Foundation League. Waphinda wasiza leliqembu ukuthi lingene kuDstv Premiership League futhi usanda kunqoba inkomishi yakhe yokuqala kuDstv Premiership League, indebe ye Black label Knockout Cup.
Lomdlali ngomunye wabadlali abathembisayo kakhulu njengoba eyibamba emuva ngasohlangothini lwesokudla kuthombe ukhiyi kubagadli. Uphinde abemuhle mangabe iqembu lakhe lihlasela, khona manjalo umqeqeshi wakhe uSteve Barker wakucacisa ukuthi akafuni njengamanje ukuthi iqembu lidayise abadlali ngoba lokho kuyamgqilaza kakhulu njengoba ngesizini edlule elahlekelwe ngabadlali abamqoka. Abadlali abafana no Ashley Du preez, Sibongiseni Ox Mthethwa be Kaizer Chiefs, Olwethu Makhanya oseUSA, Junior Mendieta we Mamelodi Sundowns FC, Vusi Sibiya, Ebrahim Jaabar, lomdlali akuthusi ukumbona efunwa ngamaqembu amakhulu njengoba ngumdali ozimiselayo enkundleni njengoba efela khona.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
