UKermit Erasmus ufuna ukulula inkontileka ne Bucs

Umgadli weOrlando Pirates uKermit Erasmus engase elule inkontileka neqembu lezimnyama, njengoba izophela ngoJune. Lomdlali udlale kahle kakhulu ngaphansi komqeqeshi uJose Riveiro, njengoba ubengasali kubadlali abaqala umdlalo kuOrlando Pirates. Usephinde wasiza i-Orlando Pirates ukuthi inqobe iMTN 8 Cup kanti uKermit ngomunye wabadlali abanohlonzo eqenjini njengoba enesipiliyoni.

Ngaphambili uke wadlalela i-Orlando Pirates njengamanje khona izinxoxo eziqhubekayo nabaphathi bakhe ne Orlando Pirates. IBUNDA IZINDABA lihabule ukuthi umqeqeshi we Orlando Pirates uJose Riveiro unxusa abaphathi ukuthi bayivuselele ngokushesha inkontileka ka Erasmus.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.