UMichael Essein uthi abadlali base Ghana bakweleta abantu base Ghana

UMichael Essein oyinkakha yase Ghana ubona abadlali beqembu lesizwe bekweleta izakhamuzi zase Ghana ngokunqoba African Cup of Nations. Ubikele IBUNDA IZNDABA ukuthi ubona sekuyisikhathi sokuthi liesizwe lingayinqobi lendebe. “Ngibonga ukuthi leminyaka isimningi kakhulu leliqembu lesizwe lingayinqobi African Cup of Nations. Mina uqobo angikaze ngiyinqobe lendebe nabanye abadlali ababanonhlonze eGhana abafana no Tony Yeboah, Sulu Mutari, Stephen Appiah, Asamoah Gyan, Laryear Kingston.

Empeleni iqembu lase Ghana lagcina ukunqoba African Cup of Nations ngo1982 ngakho iningi lethu lidlalalela amaqembu amakhulu Europe kuzomele baqonde manje abadlali bethu ukuthi kumqoka ukuguqula umlando. Iqembu lase Ghana seliqede iminyaka engu 44 lingayinqobi African Cup of Nations, manje kungiphatha kabi ukuthi ngadlalela amaqembu amakhulu afana neChelsea, Real Madrid, Lyon , AC Milan, kodwa angikaze ngiyinqobe Afcon.” kusho u-Essien usenqobe English Premier League, FA Cup, UEFA Champions League kanye neFIFA U- 17 World Cup Youth Champions.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.