
Iqembu lesizwe laseZambia lilale esikhumulweni sezindiza eDubai ngemuva kokuthi indiza ebizothatha leliqembu ilihamnise e-Ivory Coast lapho kubanjelwe khona imidlalo ye-AFOCN eidileyile. Imidlalo ye-AFCON izoqala ngomhlaka 13 January iphele ngomhlaka 11 February kulonyaka kanti leliqembu leChipolopolo likhokhelwe izindleko zohambo nokulala emahotela ngumdali walo uFashion Sakala Junior odlalela iqembu lase Saudi Arabia Al Fayh Star.
Labadlali balala emabhentshini ase Airport nje inhlangano ephethe ibhola lase Zambia ayikaze, iyingene yonke lento yabadlali, njengoba leliqembu likwazile ukungena emdlalweni yeAfrican Cup of Nations, ngosizo labadlali abanothando lokubona izwe labo lithuthuka ebholeni lase Africa. Ngokusho ka Sakala uphoxekile kakhulu ukubona abadlali beqembu lesizwe, belala emabhentshini njengezingane, kodwa inhlangano ephethe ibhola lase Zambia, yona ingenalo usizo kubadlali. Leliqembu le Chipolopolo selike layinqoba i-African Cup of Nations ngakho abadlali baleliqembu abanohlonzo basalambele ukunqoba lenkomishi. Bancane abadlali abadlalela amaqembu amakhulu emaligini amakhulu, abadabuka ezweni lase Zambia, abadlali abaningi badlala emazweni angomakhelwano afana neDRC Congo badlalela TP Mazembe, abanye badlala eTanzania ku Young African.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
