
UJurgen Klopp ongumqeqeshi we Liverpool unesifiso esimbi nge Egypt. UKlopp ufisela iqembu lesizwe laseGibhithe ukuthi lisheshe iphume emlezeni wokuqala we African Cup of Nations ngenxa yokuthi udinga kakhulu umgadli waleliqembu Mohamed Salah. Lomqeqeshi uziseka ngokuthi mangabe kuqala umlenze wesibili weEnglish Premier League kulapho kuqala khona ukushisa umbango wesicoco. Lomgadli ohola abagadli be Liverpool bayamdinga kakhulu kanti kuyinto eyaziwayo ukuthi amaqembu amaningi Europe abayifuni African Cup of Nations ne Asian Cup, kodwa bona bayayithanda Euro Cup.
Basabandlulula ibhola labantu abamnyama lase Africa nase Asia kanti amaqembu amakhulu ase Europe amiswe ngabadlali abamqoka base Africa. Bangumgogodla walamaqembu abadlali base Africa uqobo labo bayawuthanda, ngoba ubanikeza amathuba amaningi, okuthola umsebenzi kwamanye amaqembu amakhulu Europe.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
