Umqeqeshi we Orlando Pirates uhlabeke umxwele ngowe Kaizer Chiefs

Umqeqeshi we Orlando Pirates Jose Riveiro uhlabeke umxwele ngumdali omncane weKaizer Chiefs uMfundo Orbigado Vilakazi. Ephawula uRiveiro uthe ubana lomdlali enekhono elimangalisayo, “ngibone ukuthi Vilakazi unekhono elisimangaliso njengoba eqale washaya igoli kuqala ngaphambi kokuthi ashaye izitayela kodwa umsebenzi ubesewenzile njengoba iqembu ligcine linqobe ngo 2-1, kodwa kuzomele asebenze kanzima ngoba unethalente elimangalisayo. UVilakazi uvotelwe ngabalandeli bemfuna phakathi enkundleni ngempela ufike wabanikeza abalandeli ekade bekufuna njengoba belihlikihla kucwaze inkundla yonke yase Peter Mokaba Stadium.

Lomdlali osemncane njengoba eneminyaka engu 17 uqale ukugqama eqenjini le Kaizer Chiefs le MDC lapho ebonakalisile ukuthi uzoba ngumdlali ophambili ngoba emdlalweni awudlala ne Richard Bay FC washaya igoli. UMfundo kubhekeke ukuthi aqhame kahle eqenjini le Kaizer Chiefs njengoba umqeqeshi Cavin Johnson ezifela ngabadlali abancane.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.