UThwala uthi Orlando Pirates ayikhokhi kahle

UPatrick Thwala owayengumdlali we-Orlando Pirates uthi Orlando Pirates ayikhokhi nhlobo imali kodwa udlalela ibheji le-Orlando Pirates. Umangabe uthi ufuna imali bavele bakutshele ngomlando wokuthi abadlali abafana noJerry Sikhosana banqoba CAf Champions League, wena ngoba udlalalela Orlando Pirates usuyenzeleni njengoba usufuna imali? Kuzokhumbuleka ukuthi abadlali abadala be-Orlando Pirates bakhala isililo esodwa sokungaholi imali egculisayo njengoba uSteve Lekoela wagcina ngokuthi ayishiye ajoyine ku Maritzburg United ekwabe kuyiqembu elincane kakhulu kepha yena eyinjini enkulu ku-Orlando Pirates.

Abanye abadlali bakhala ngokusatshiswa mangabe ufuna ukushiya kuleliqembu kodwa ayibaholeli imali abayidingayo. Lenkulumo ka Thwala ifakazelwa yinkulumo kaThulasizwe Mbuyane owafanisa Orlando Pirates nefemu yamaChina yona engaholeli. Baningi kakhulu abadlali abaduma ku Orlando Pirates abangomahlalela njengoba baphuma bengenamali, badlalela ibheji le-Orlando Pirates.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.