ULebogang Mokoena usola Benson Mhlongo ngobumpimpi

ULebogang Mokoena usole uBenson Mhlongo njengempimpi ngesikhathi besadlala ku Orlando Pirates. Utshele IBUNDA IZINDABA ukuthi bebejima ndawonye bengahlangani nabanye abadlali, “umqeqeshi Ruudi Krol wasiyalela noJoseph Makhanya ukuthi sijime sodwa, singahlangani nabanye abadlali. Ngelinye ilanga wangibiza wathi mangijime ngendlela yomuntu odla ebholeni elikhokhelwayo ngakwenza njengoba beshilo. Uthe esuka wangixosha ejimini, ngakhala izinyembezi mi!! futhi ngathukuthela ngakhuluma ulimi lase lokishi. Ngabuza emajiteni ukuthi ngenzeni ngempela kulomqeqeshi wasuka lapho Mhlongo wayongimpimpa.

Ngezwa sengibizwa e office ngakusasa ngu Floyd Mbele obeyimenenja ye Orlando Pirates engafike ngamtshela ukuthi ngiqashwe nguIrvin Khoza hhayi yena, lapho uSihlalo ubematasa ne World Cup mangabe efika wamxosha umqeqeshi Ruudi Krol.” kusho uMokoena.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.