Umqeqeshi we Senegal uphokophele phambili noma kumnyama emalini

Umqeqeshi u-Aliou Cisse wezwe lase Senegal ukhala ngokungaholi izinyanga eziyisithupha. Lomqeqeshi usekwenze konke ekumele akwenze nenhlangano ephethe ibhola lase Senegal kodwa akekho ophendulayo ngoba bonke bazithulele, ngisho noNgqongqoshe wezemidlalo naye akaphenduli. Lelizwe lase Senegal yilona ompetha be African Cup of Nations, kodwa lizoya I Vory Coast lingahlangene kahle, njengoba izikhulu zalelizwe zingabambisene nabadlali.

Umqeqeshi Cisse yena uselimemezele iqembu elizoyovikela lenkomishi ye CAF African Cup of Nations. Utshele IBUNDA IZINDABA ukuthi ipolitiki yiyona edala lenkinga, “ngibona ukuthi khona ipolitiki engaphakathi, abayidlalayo nengenaso isidingo nezama ukudunga abadlali neqembu lonke, njengoba ngilimemezelile yingoba ngumqeqeshi weqembu. Kumele ngihambe nabadlali sikhohlwe ipolitiki, ngoba asingeni kuyona. Umsebenzi wethu usenkundleni kuphela futhi uphelela khona enkundleni, abanye abantu bogcina ngokukhuluma khona ngaphandle, ngoba phela ibhola labehlula enkundleni. Bathanda ukuqgama ngabanye abantu.

Ngikhulumile nabadlali bacela ukuthi ngiqhubeke nomsebenzi wami bazongeseka kuzozonke izimo zempilo engizobhekana nazo. Mina lelizwe kudala ngilifela enkundleni ngisengumdlali ngaze ngaba ngumqeqeshi. Kunamuhla bayahlonishwa abantu base Senegal ngami nabadlali, kukhona abadlali abakhipha izimali bexhasa leliqembu, ngibala Sedio Mane uyalithwala ngemali yakhe, ngoba elithanda iqembu lesizwe nezwe lase Senegal.” kusho lenkakha yomqeqeshi onamava ebekhombisa ukuthi unengekile ngokwenziwa zikhulu zebhola lase Senegal nohulumeni.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.