
Kuboshwe abasolwa abayisithupha kulandela ukuhlaselwa nokugqekezwa kwezindlu kuhlonyiwe eChatsworth. Ithimba le-PT Alarms lihlangene neBlue Security kanye namaphoyisa kaMasipala abambe ngempumelelo abasolwa abayisithupha, bathola nezibhamu ezintathu kulandela ukuhlaselwa nokugqekezwa kwezindlu kuhlonyiwe eMhlatuzana, izolo. Inxusa lase-PT Chatsworth kanye namathimba e-PT Alarms Tactical athunyelwa kulesigameko kuthe uma befika abasolwa babonakala bebalekela ehlathini.
Abasolwa abayisithupha babanjwe ngempumelelo kwatholwa izibhamu ezintathu, esinye sazo besingenalutho. Kusolwa ukuthi abasolwa bafunelwa amacala amaningi endaweni yaseThekwini.
Abanye abahlinzeki bezinsiza basukume basiza ngemuva kokubanjwa kwabasolwa. Lomsebenzi omuhle welezinhlaka ezilwisana nabaphula umthetho uveze imiphumela emihle. “Sibonga kubahlali abaqaphile ngokuhlaba umkhosi nokuqwashisa ukuze kuliwe nobugebengu obuqhubekayo nokuholele ekutheni kubanjwe abasolwa.” kusho PT- Alarms
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
