
USinethemba Kunene oyimbongi eqavile eNingizimu Africa unxusa abantu abasha ukuthi bazithibe ngocansi nangophuzo oludakwayo ngoba umzimba uyaphela kodwa ubumnandi bona abupheli. USinethemba uqwashisa abantu abasha ngoba yibona abayilithemba lalelizwe nabaholi bakusasa, amantombazane amaningi alahlekelwe ngubuntombi bawo ngalesikhathi esifushane enyakeni, ngakho amantombazane impela ngixwayisa wona ukuthi agweme izindawo zobumnyama ngoba kunzima ukuphila ngemuva kohambo lobumnyama.
Abantu abasha abalalele abazali emakhaya, unyaka uyaqala kumele balindele impumela kamatikula etsheni, bafune ama university noma ama Colleges. Kumele bagxile kakhulu ekusaseni labo, bakhohlwe yinto zomhlaba ngoba azibuyiseli ngalutho. USinethemba kulindeleke ukuthi aqale uhambo lomjikelezo wamazwe ase Ningizimu nezwekazi lase Africa, okubalwa izwe lase Lesotho, Mozambique, Zambia, Malawi, Botswana, Swaziland, Namibia, Zimbabwe, kulindeleke ukuthi ahlangane nezimbongi ezimkantshu bomvu eziqhamuka kulamazwe.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
