
Amabomvu Youth Projects bagqugquzela abantu abasha ukuthi babambe iqhaza elimqoka ekuthuthukuseni amakhono abo ngezemidlalo,nezamaciko nezamabhizinisi, okhulumela eMabomvini Youth Projects ULindokuhle Ngubane, uthi unxusa abantu abasha basondele eduze nalenhlangano ngoba izobahlomlisa ngolwazi olunzulu, njengoba umsebenzi ungekho, kodwa ngezemidlalo nobuciko ungaphila ngazo wondle umndeni wakho, kumanje abadlali abaningi bondla imindeni yabo ngezemidlalo, ngingabala abadlali abaqhamuka ezindaweni zase eMsinga wonke, kukhona Ayanda Mafikaphathe Ngcobo osenqobe Harry Gwala Marathon neminye imidlalo wakwa Majozi isizwe, ngu Bandile Mzambia Ndlovu odlalela Richard Bay FC ngonyaka odlule ubedlalela Umsinga United ka Welcome Mpanza wase Msinga Top, Fanakhe Ngubane wase Mabomvini eNzala ongumsubathi, ngumculi kamasikanda odumile wase Machunwini uScebi Dlamini odume emculweni ngegama lenkosi yamagcokama, Masinga wase Mabomvini eMbonja, Mthokozisi Gwabuzela wase Nzala, Sonakali Zondi, Gcina Makhobe ongumphetha we WBF International, Lindelani Bramie Magawula Sibisi ongumphetha we WBA Pan Africa International, Sanele Mhlungu ongumphetha we KZN Title, bonke labashayisibhakela baphuma Dundee, abantu abasha eMzinyathi mabazihlanganise nezemidlalo khona bezoqoba indlala, lenhlangano ikhonela ukubavulela iminyango nokubatholela imifundaze phesheya kwezilwandle.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
