
Isigodi sakwaDolo siyivikele ngempumela indebe yaso ngesikhathi siguqisa isigodi sase Nzala ngegoli elilodwa elivalelwe ngu Mandla Bruce Xulu ngesiwombe sokuqala, uDolo ubambelele egolini elilodwa, ulahle amathuba amaningi kulomdlalo njengoba umdlali obeqhamile kakhulu uMvumofuthi Sithole ubehlanganisa amaphasi axoxa indaba, kodwa bahluleka ukuwasebenzisa abagadli, khona manjalo Wilfred Msamo Mbanjwa ongumdlali owaduma kakhulu eMabomvini ubeyibambe kahle kakhulu emuva njengoba bengadluli lutho, Mandla Xulu, Thula Zakwe bakhombise ukuhlanganisa kahle abadlali abancane abafana no Lwazi Mbatha, Chenene Mkhize, UMvumofuthi Sithole, Leliqembu beliholwa ngumqeqeshi Zwanani Ngubane, Lungisani Ngubane, Hlakaniphani Ngubane, Sbongiseni Mbatha, abafana base Nzala bakhombise ukungawuniki indawo uDolo njengoba kade behlasela kaningi kodwa unozinti wesigodi sakwaDolo uBobo Gama ubephapheme njengoba khona ibhola alivimbe sekuvalwe amehlo, ebeliqhamuka no Stars Ngubane obengukhiye eq leNzala, uSihle Ngidi uzame kaningi ukupotshoza amabhola ayingozi kodwa bangawasebenzisa ngendlela, khona manjalo Fanakhe Ngubane ongumsubathi we Xcel Running Club ubeyibambe kahle emuva, lemidlalo yomphakathi ibihanjelwe ngothisha, ngamaphoyisa, ngabameli, ngodokotela, nangamanesi omphakathi, nomphakathi wendawo wonkana,
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
