Olwabalimi basemakhaya luyinzukazikeyi emabomvini

Abalimi abancane basezindaweni zasemakhaya bakhala ngoxhaso abangalutholi lamanzi, IBunda izindaba lihambele Kwandayi lapho belibizwe ngabalimi, likhulumisane nonobhala wenhlangano yabalimi basemabomvini uBuyani Mbatha, lapho sinenkinga enkulu yamanzi, ukudla kwethu kubulawa ungabi bikho kwamanzi, abanye bathatha izigubhu namabhakede beyozikhelela emfuleni uthukela, mangabe ungenayo imonto uyayeka, imfuyo yethu thina iphuza emakhaya njengoba kushe imfula nemchachazo, sidinga kakhulu amanzi angasilamulela emasimini, mangabe ubona umhlaba sinawo mkhulu, kodwa amasimu amaningi alele wonke, sicela umkhandlu wase Mzinyathi usifakele amanzi emasimini ethu, lokudla sixosha ngakho ikati eziko, abantu abaningi abasebenzi lapha emakhaya, kodwa mangabe utshalile ubhontshisi, amazambane, ubhatata, amadumbe, ishaladi, iklabishi, uyadla uyadayisa kulomnyama, abantu basemakhaya ababuyele emakhaya bezolima bakhohlwe amadolobha ngoba abasebenzi khona, bagcina sebehaqwa yizifo nobundlavini bobugebengu bebuye sebefile noma begula, nohulumeni makangenelele ekusizeni intsha yasemakhaya ukuthi ayixhase ngamapulazi nangoganda ganada, balimele ukudayisela izitolo ezinkulu kuphetha Mbatha


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.