
Umculi ongasekho uZahara akakangcwatshwa okwamanje, kodwa sekukhona izinkinga emndeni. Lo mculi wodumo bebethembisane umshado nendoda yakhe, uMpho Xaba, izithandani zibe nomcimbi wazo ‘wokugubha ilobolo’ nabangani nomndeni ezinsukwini ngaphambi kokugula wangeniswa esibhedlela.
IBUNDA IZINDABA lithole ukuthi, umndeni walo mculi usuphumele obala ngokuthi awumazi uMpho njengomyeni wendodakazi yawo njengoba engazange alobole aphelele. Umthombo osondelene nomndeni utshele IBUNDA IZINDABA ukuthi uMpho ushaywa ngesithende yize ezame nokuzinikela. Ngokusho komthombo, ngenxa yokuthi akalobolanga ngokugcwele abamthathi njengomyeni osemthethweni. “Izinto azihambi kahle neze, basebenzisa ukuthi akaliqedanga ilobolo ngaye,” kwengeza umthombo.
Ngokusho komunye umthombo, lo mdlalo uqale enkonzweni yesikhumbuzo ngeledlule ngoLwesine, lapho engavunyelwanga khona ukukhuluma ngamalungu athile omndeni ekhala ngokuthi akayena umkhwenyana wabo. Ngokusho komthombo izinto zimbi phakathi kukaMpho nomndeni kangangoba unovalo lokuthi angase aye enkantolo ayomisa umngcwabo uma bengamfaki emalungiselelweni. “Banovalo lokuthi uma izinto zingamhambeli kahle angase athathe izinyathelo ezinqala,” kwengeza umthombo.
Ethintwa IBUNDA IZINDABA ukuze baphawule ngalezinsolo, okhulumela umndeni u-Oyama Dyosiba uthe: “Bheka bekunomhlangano womndeni, kwakhulunywa ngezinto ezithile okubalwa nendaba yelobolo kanti ngokomndeni alikho ilobolo elakhokhwa,” usho kanje. UMpho ucele umshado kuZahara ogama lakhe langempela uBulelwa Mtukutu ngoMashi nonyaka. Ngaleso sikhathi lezi zithandani zathi zizoshada ngoNovemba. Emlenzeni wokuqala womshado wabo, babambe umcimbi wokugubha ilobolo kwaMpho eLydenburg ngomhlaka-12 Novemba. UZahara ushone ngenxa yokuxinwa yisibindi ngesonto eledlule ngoMsombuluko. Isidumbu sakhe sithuthelwe sabuyiselwa ngakubo e-East London e-Eastern Cape lapho ezofihlwa khona ngoMgqibelo. UMpho akatholakalanga ukuthi aphawule.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
