Izindaba zokushintshwa kwabadlali kuPSL

Amahlebezi akamuva avela kuKaizer Chiefs, Orlando Pirates, Mamelodi Sundowns kanye nawo wonke amaqembu ePSL mayelana ngokushintshana ngabadlali. Iwindi lokushintshana ngabadlali baseNingizimu Afrika lika-2023 livalwe ngokusemthethweni ngoSepthemba 22. Yize iwindi livaliwe njengamanje, amakilabhu asafuna ukwenza ibhizinisi nama-ejenti amahhala futhi enze izivumelwano ngaphambi kwewindi lokushintshana laphakathi nesizini ngoJanuwari 2024.

Izikhondlakhondla zePremier Soccer League iMamelodi Sundowns zijaha umdlali wase-Argentina uMatias Esquivel, knati lomgadli oneminyaka engu-24 ubudala usezingeni eliphezulu usezingeni eliphezulu e-Argentina kanti kubikwa ukuthi aMasandawana avumelene naye iminyaka emine.
Ngokombiko weSoccer Laduma, owayengumdlali wasesiswini weBafana Bafana, uMay Mahlangu, uyamataniswa neqembu elidonsa kanzima kuPSL iCape Town Spurs. UMahlangu, ongakaze adlale ku-PSL, ushiye i-Aksu yaseKazakhstan futhi manje usekhululekile.

ISpurs, eqhwakele, kuthiwa izimisele ngokufaka lo mkhankaso onamava egunjini labo lokushintshela ukuze isize iSpurs iphume obishini. Kubikwa ukuthi Amakhosi asezolahlekelwa ngunozinti odabuka eNigeria, uStanley Nwabili. Ngokombiko lo nozinti weChippa United usedonse amehlo kwiqembu laseBelgium elake ladlalwa uPercy Tau iRoyal Union SG.

Unozinti weChiefs osemnkantshubomvu wawaphuca amathuba okuthi aphinde athole indawo yokuqala ngemuva kokudlala ngaphandle kwenkundla, kanti izinselelo zikaBrandon Petersen ziphazamise ukusebenza kwakhe, nokuholele ekutheni iChiefs ifune ukuqiniswa konozinti.

IMamelodi Sundowns ingase isebenzise inketho yonyaka owodwa enkontilekeni kakaputeni uThemba Zwane futhi yengeze eminye iminyaka emibili enkontileka yakhe. Lokhu kuzoholela ekutheni lo mdlali ashiye eChloorkop njengengwazi yekilabhu. IKaizer Chiefs inikeze uNkosingiphile Ngcobo inkontileka entsha yeminyaka emithathu ngokwelulekwa ngumqeqeshi wecarateker uCavin Johnson, ngokusho kweSoccer Laduma.

Isivumelwano sikaNgcobo kulindeleke ukuthi siphele ngoJuni 2024 kodwa Amakhosi azimisele ngokumthola ngale kwalokho. AmaBhakabhaka azodedela uSouaibou Marou othwale kanzima ukuze agqekeze ezikaJose Riveiro. Lo mgadli odabuka eCameroon uqhudelana noKermit Erasmus, Zakhele Lepasa no-Evidence Makgopa befuna indawo yokuqala, bonke benza kahle kuPirates kule sizini.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.