Kulindeleke indumezulu yomshado wenjinga yase eMsinga.

UMandlakhe Mtshali oyinjinga yase Msinga eMachunwini, Mtshali uyinjinga engumacaphuna kusale njengoba enamabhizinisi amaningi eGoli naKwaZulu Natal, usebuyisele emphakathini wase Machunwini eMsinga ngokwakha isikole ayefunda kuso eMhlumba Primary school, waphinda wasinikela ngama Computer angu 100, waphinda wakha isonto lamaweseli elithwala abantu abangu 700, waphinda wanikela ngomfaniswano wabafundi lapha eMhlumba Primary school, khona manjalo usanda kuthengela Inkosi yesizwe saMachunu , kulindeleke indumezulu yomshado yenjinga yase Msinga ezoshadela ngomhlaka 28 Zibandlela , imeme izimenywa ezinamagama phezulu kuleli lase Ningizimu Africa, njengoba kukhona loyo Inkosi yesizwe saMachunu Ngangendlovu, Usodolobha womkhandlu waseMsinga uDr Felinkosi Sikhakhane, naloyowayengumungameli kuleli Mnuzane Jacob Zuma, uMholi we EFF Julius Malema, uNdunankulu waKwaZulu Natal uNomusa Dube Ncube, izinduna namabutho aseMcunwini kulindeleke ukuthi baphume ngobuningi nobhekeni,lomshado uzophuma kumabonakude nakuma social media ,namazwe aphesheya kwezilwandle azowubona lomshado namazwe ase Africa, khona manjalo kulindeleke ukuthi kutheleke izithunywa ezivela emhlabeni wonke jikelele ukuba zizobona lendumezulu yomshado. lenjinga isanda kwakha inxuluma lomuzi ongaphezulu kwe Nkandla ka Zuma, khona manjalo uzophinde ashintshe isikole sase eMhlumba Primary school ayenze Private school, Matshinga ungowokuzalwa eMachunwini esigodini sase ophathe, khona manjalo indawo yase Msinga nase Mvoti kulindeleke ukuthi lezindawo zingenise umnotho omkhulu njengoba izivakashi zizodinga izindawo zokulala, nosomabhizinisi abancane bazohlomula kakhulu njengoba abavakashi bazoba bengangezinwele ekhanda lomuntu, abemboni yezokuthutha nabo bazohlomula ngokuthatha umphakathi, abaculi abazakhele amagama eMsinga namaphethelo nase Ningizimu Africa kulindeleke ukuthi bathole ithuba lokuqasheka baphinde bamenyezelwe maduze. abasakazi abazophatha uhlelo kulindeleke ukuthi bamenyezelwe maduze, njengoba siloba lapha bengakamenyezelwa abasakazi nabaculi, abamabandla ahlukene kuleli lase Ningizimu Africa kulindeleke ukuthi babambe iqhaza kulomshado.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.