
Amaphoyisa abophe ikhansela leDA kumasipala wasoKhahlamba eKZN ngecala lomlilo obulale izingane zalo ezintathu nonkosikazi walo. Ekuqaleni bekusolwa ukuthi kukhona oshise umuzi kaMichael Buthelezi. Kuthe ngokuhamba kwesikhathi kwatholakala ukuthi uButhelezi ushise umuzi.
I-DA eKZN yazisiwe ngokuboshwa kwekhansela laseBergville, uMicheal Buthelezi, kulandela ukushona kabuhlungu komndeni wakhe ngesikhathi kusha umuzi ngo-Okthoba nonyaka.
Kuleso sigameko unkosikazi kaButhelezi nezingane ezintathu bashone ngesikhathi kuqubuka umlilo ongqongqise lo mndeni ezintatha, uButhelezi yena waphuthunyiswa esibhedlela enamanxeba okusha kanzima. Ngemva kwesikhashana uMholi we-DA esiFundazweni, uFrancois Rodgers, evakashele uButhelezi owayelimele kanzima esibhedlela wabe esethintana nesikhulu esiphezulu se-SAPS esifundazweni ukuze angenelele ngokushesha kulokho okwase kucishe kube yisigameko esinodlame nesingenangqondo e-KZN.
Ngemuva kophenyo, uKhomishana weDA esifundazweni, uMnuz Nhlanhla Mhkwanazi, ngokuboshwa kukaButhelezi ngemuva kokuboshwa.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
