
Abalandeli be Moroka Swallows FC bagxeka abaphathi baleliqembu ngokuthi bayahluleka ukuholela abadlali , umsebenzi wabo uyabahlula namanje mina angazi ukuthi ngempela kuzokwenziwanjani, lesihlava sabantu abathenga leliqembu lase Dube ngabantu abangenayo imali, kodwa bafika bethembisa ngokwenza uguquko olukhulu eqenjini, kodwa bagcine befake iqembu ehlazweni elibi, amaqembu amakhulu njengo Kaizer Chiefs, Orlando Pirates, Mamelodi Sundowns FC, AmaZulu FC, ngeke uzwe kuthiwa abadlali abaholile kodwa lapha unyaka nonyaka kukhulunywa udaba olulodwa, kusho umlandeli wokuqina we Moroka Swallows FC, baphinde bavikela umqeqeshi waleliqembu uSteve Khompela ngokuthi umsebenzi wakhe uwenza kahle kakhulu yibona abaphathi abamhlinzela ezibini, abalandeli bezinyoni zase Dube bavusa umhlwenga njena kusanda kuvela emthonjeni yabezinda ukuthi abadlali bahlale izinsuku eziyishumi bengajimi ngenxa yokungaholi, abadlali abafana no Andile Jali, Gabadinho Mhanga, Tsholofaso Mabasa, bazithole bengajabulile ngesenzo sabaphathi abangaholeli.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
