
UMandla Masango owazakhela igama ku Kaizer Chiefs ubona ukuthi abadlali abadala be Kaizer Chiefs babamba iqhaza elimqoka ngisho sebebeke amakhokho ethala, njengoba kade befaka inhlonipho kubadlali abancane, ngicabanga ukuthi ukuhlehla kwabo eqenjini kudale umonakalo wophuzo kubadlali, njengoba mina ngidlala eqenjini le Kaizer Chiefs abantu abanjengo Author Zwane, Cyril Nzama babesiluleka ukuthi kumele siziphathe kanjani ngaphandle kwenkundla, kulamasizini amumbalwa abadlali be Kaizer Chiefs batholakale ezinkambeni zika Faro, abafana no Itumeleng Khune osanda kuphucwa ibhande lokuba ngukaputeni we Kaizer Chiefs njengoba atholakala ephuzile, ngaphambili ngesikhathi umqeqeshi sengu Ernest Middendorp wavela ukuthi abadlali be Kaizer Chiefs bafika emdlalweni bephuzile phakathi kwabadlali abashiwoyo singabala Eric Matoho, Itumeleng Khune, Lebohang Manyama, nokwadala ukuthi leliqembu lilahlekelwe isicoco seligi ekugcineni njengoba izimbangi zayo Kaizer Chiefs, iMamelodi Sundowns FC yezemuka nayo iligi.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
