U-RAMAPHOSA ukholelwa ukuthi i-ANC isendleleni efanele

URamaphosa uzwakalise ukuzibophezela ekuqinisekiseni ukuthi iqembu liyawufeza umsebenzi walo kanye nezethembiso eziya okhethweni lukazwelonke lwango-2024.

Ekhuluma ngesikhathi sokubuyekezwa komqulu wokhetho e-Alberton ngoLwesihlanu, uRamaphosa uwavumile amaphutha enhlangano ngaphansi kokuphatha kwakhe.

Ukubuyekezwa kube yingxenye yemizamo yokunikeza impendulo ngenqubekelaphambili yenhlangano ngezethembiso ezenziwe okhethweni olujwayelekile lokugcina.

URamaphosa uthe i-ANC ikwazile ukushintsha izimpilo zaba ngcono, ekhuluma ngokuhlinzekwa kukagesi namanzi.

“Sikholwa wukuthi sisendleleni efanele. Kakhulu njengoba abasigxekayo bengathi i-ANC ilahlekile. Izinhlaka zethu kuwo wonke amazinga zabelane nezakhamizi zaseNingizimu Afrika ngenqubekelaphambili esesiyenzile, futhi asigcinanga nje ukwabelana ngayo phakathi kwethu, sabelana ngayo nabantu baseNingizimu Afrika.”


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.