Kuboshwe abasolwa abathinteka emacaleni okukhwabanisa nokuqola ezifundazweni eziningi

I-SAPS ibophe abasolwa abayisi-9 abesilisa abayisi-8 nowesifazane oyedwa abasolwa ngokuthinteka emacaleni okukhwabanisa nokuqola ezifundazweni eziningi. Ngesikhathi kuboshwa, kuthathwe omakhalekhukhwini abangu-14 kanye namadayimane angu-4. Abasolwa bavela eBloemfontein, Christiana, Gauteng, Kimberley.

Umkhankaso wezobunhloli oholwa yiNorth West Crime Intelligence kanye nabaseshi baseKimberley uholele ekuboshweni kwabasolwa abayisishiyagalolunye okukholakala ukuthi bayabandakanyeka ekukhwabaniseni nokuqola. Abasolwa baboshwe ngoLwesibili, 12 Disemba 2023, eSchweizerReneke ngemuva kokuthola imininingwane.

Ngesikhathi kuboshwa abasolwa kuthathwe amaselula angu-14, kwatholakala amadayimane amane kubasolwa. Abasolwa abayisishiyagalolunye, abesilisa abayisishiyagalombili nowesifazane oyedwa, abaneminyaka ephakathi kuka-39 no-49 kusolwa ukuthi bayathinteka emacaleni okukhwabanisa nokuqola kwezinye izifundazwe. Abasolwa ngabaseBloemfontein, Christiana, Gauteng, Kimberley naseSchweizer-Reneke.
Abasolwa bazovela eNkantolo yeMantshi yaseKimberley maduze.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.