
UBusi Sweetlove Ngubane ongumlandeli odumile we Kaizer Chiefs, uxoxela IBUNDA IZINDABA ngothando lwakhe leqembu iKiazer Chiefs.
“Mina ngikhulele eNanda KwaBester kodwa ikhaya elikhulu lapho kuzalwa khona uBaba kuseMabomvini esigodini sakwa Dolo, ngiqale ukulandela iKaizer Chiefs isamakethwa emakopini katshwala iCastle Lager ngama 90s, angiphindanga ngabheka emuva njengoba umalume wami ubekunguyena obesihola nokuyena owayesigqugquzela ukuthi singayiyeki ukuyisapota i Kaizer Chiefs, kodwa lapho amakhosi beshisa ewina izinkomishi ubuthaphu thaphu, ngaqala ukubona umdlalo we Kaizer Chiefs wokuqala ngesikhathi idlala ne Jomo Cosmos eFNB Stadium kungumdlalo weBP Top 8 Cup lapho amakhosi anqoba kuJomo Cosmos ngo 4-3 ngikhumbula ukuthi uFani Madida nguyena owashaya amagoli amathathu, ngohlala ngikhumbula abadlali abanohlonzo abasinaka esikuthandayo enkundleni siphume sijabule, abafana no Doctor Khumalo, Thabo Mooki, Thabang Lebese, Ace Donald Khuse, Shakes Kungwane, Lucas Rhoo Radebe, Ntsie Maphike, Timothy Lesenyane, Eshele Botende, Brain Baloyi, Rowen Fernandes, Emille Baron, Itumeleng Khune, Author Zwane, Nhlanhla Kubheka, ngifisa ukuthi abaphathi be Kaizer Chiefs bathenge abadlali abanohlonzo abalungele ukudlalela iKaizer Chiefs, kuphetha Busi Ngubane, lomlandeli wamakhosi uyazifela ngomdlalo womkhaya.” kusho lentokazi yaMakhosi
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
