Uhulumeni usehluleka kubantu bokufika abangenazo izincwadi: isikhulu samaphoyisa eGauteng

UKhomishana wamaphoyisa eGauteng, uLt General Elias Mawela, ukhale ngendlela uhulumeni abhekana ngayo nabantu bokufika abangenazo izincwadi okubikwa ukuthi bayaboshwa kodwa babuye badedelwa.

UMawela ubizwe yikomiti lesiShayamthetho saseGauteng elibhekele ezokuphepha komphakathi ukuthi azochaza ngezinhlelo zamaphoyisa zokubhekana nezinga eliphezulu lobugebengu eDiepsloot.

UMawela utshele ikomiti ngoLwesibili ukuthi umphakathi waseDiepsloot uhlale ukhala ngabantu bokufika abangenazo izincwadi abathi bayabandakanyeka ebugebengwini kuleli lokishi.

“Uma [abokufika abangenazo izincwadi] bevela enkantolo, iningi labo likhokha izinhlawulo bese libuyela emphakathini. Ngandlela thize, ngokuthatha labo bantu ngohlelo lwezinkantolo, nigunyaza isimo sabo ezweni,” kusho uMawela.

Uthe phambilini uma amaphoyisa ebopha abantu bokufika abangenazo izincwadi, bagcine sebedingiswa. Lokho uMawela uthe kube nomthelela ezingeni lobugebengu eDiepsloot.

“Kodwa uma abantu abangenazo izincwadi bebona ukuthi kukhona igebe ohlelweni lwenkantolo, abanankinga [nokuboshwa]. Babona kungcono ukuthi baboshwe, badlule ezinkantolo bese usemthethweni ezweni,” kusho uMawela.

“Elinye igebe elisetshenziswa abafuduki abangenazo izincwadi ukuthi uma usuvele enkantolo, ungathi ‘ngempela nkosi yami, ngilapha ngezinhloso zokukhoseliswa’. Ube usunikezwa ithuba lokuyofaka isicelo sesimo sokukhoseliswa. Khona-ke usemthethweni ezweni.

“Le nto idinga ukuthi abomthetho bayilungise. Thina njengamaphoyisa senze indima yethu,” engeza.

Kusukela ngo-Ephreli kuya kuSepthemba nonyaka, amaphoyisa abophe abokufika abangenazo izincwadi ezingama-736.

UMawela uphinde wakhwela wadilika kubantu bakule ndawo eDiepsloot abahlinzeka ngamagumbi nemijondolo kwabangenazo izincwadi futhi bangenise imali ngokuqashisa.

Ubugebengu sebufinyelele emazingeni e-Diepsloot, lapho amalungu omphakathi ezithathela umthetho ezandleni zawo.

Ekuqaleni kwale nyanga, kwabulawa abantu abayisikhombisa ezigamekweni ezimbili ezihlukene okusolwa ukuthi ubulungiswa yiqulu labantu. Umphakathi ubusole laba abayisikhombisa ngokuhlukumeza indawo. Amaphoyisa abophe abantu abahlanu ngezinsolo zokubandakanyeka kulokhu kuhlasela.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.