I-Xcel Running Club ivale unyaka ngokuklomelisa abasubathi bayo

I Xcel Running Club isonge unyaka ngokuklomelisa abasubathi abenze kahle unyaka wonke nabaqede umjaho omkhulu emhlabeni jikelele iComrades Marathon. IBUNDA IZINDABA, lizifikele bukhoma njengoba lifike lazibonela konke bekwenzeka khona. Kuqale kwagqama umoya omuhle wobuntu nothando, kodwa olunothisile nge Xcel Running Club ukuthi ibunjwe ngaphansi kwesisekelo sika Nkulunkulu. Bekuna bashadikazi iningi labo abaphathi be Xcel Running Club ngoba kuqalwe nge AGM ye Xcel Running Club ngaphambi kokuba kudlulele kuma Xcel Running Club Awards ka 2023.

Kugqame umsubathi wesimame Jenet Mbele onegolide le Comrades Marathon okhale wemuka, nemiklomelo emthathu, Xcel Running Club ibimeme Cheryl Winn owanqoba Comrades Marathon ngo 1982 waphinda waba ngu Sihlalo we Comrades Marathon. Obeyisikhulumi sokuku okhulume kabanzi ngomsubathi ne Athletics uqobo lwayo , wancedisa abasubathi be Xcel Running Club ukuthi bangaphumela kanjani mangabe befuna ukunqoba imijaho, uphinde waveza ukuthi Jenet Mbele unethuba elihle lokunqoba Comrades Marathon njengoba ngumsubathi ozimiselayo.

Uphinde wagcizelela ukuthi inhlonipho ingukhiye empumelweni abasubathi, abanye abathole imiklomelo ngu Fanakhe Ngubane wase Msinga eMabomvini uthole umklomelo wokuba ngumsubathi oqede Comrades Marathon, nowe Best Social Runner. U-Ayanda Mafikaphathe Ngcobo wase Msinga KwaMajozi othole umklomelo wokuba ngumsubathi obambe iqhaza elimqoka kakhulu ekusabaliseni nokukhangisa nge Xcel Running Club, njengoba njalo ngosuku langolwesini ngusuku lokukhangisa nge Xcel Running Club kuma Social media, ngu Jenet Mbele ohlomule nge golide le Comrades Marathon.

ULungelo Khumalo oklomeliswe ngomklomelo womsubathi owenze kahle ngokukhuphula amasokisi eNingizimu Africa,Mthokozisi Mbambo othole umklomelo wokuba yi Best Comrades Marathon Finisher, Dr Chonco oyi Best Social improve, Dr Chonco othole Chairman Awards, khona manjalo ubumqoka balekilabhu ukubonakala kwenkulisa, Xcel Running Club isanda kugumba iminyaka emthathu yasungulwa ngomhlaka 17 October 2020.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.