
Kugcwele izinkundla zokuxhumana umculi ongasekho uBulelwa Mkutukana odume ngelikaZahara. Umdeni uyaqinisekisa ukuthi umculi owawina izindondo uZahara udlule emhlabeni ngoMsombuluko kusihlwa, 11 Disemba eneminyaka engu-36 ubudala esibhedlela saseGoli.
Imithombo esondelene nalo mculi wodumo lwengoma ethi “Loliwe” idalulele iZimoja ukuthi ungeniswe esibhedlela ngenxa yezinkinga zesibindi ngemuva kokukhala ngezinhlungu esiswini. Uphuthunyiswe esibhedlela ngemuva kokugubha usuku lwakhe lokuzalwa ngomhla ziyisi-9 kuLwezi, ngemuva nje kokuthi isinqandamathe sakhe uMpho Xaba simkhokhele ilobolo.
Kubikwa ukuthi wangeniswa ngesikhathi isisu sakhe sibuhlungu, wahlala cishe amasonto amabili ewodini likadokotela ngaphambi kokuba adluliselwe e-ICU lapho odokotela bathola ukuthi isibindi sakhe sasilimele. Lo mculi uvele waquleka ngemuva kokuwa amaphaphu nezinso kubikwa ukuthi nazo zithintekile. Lo mculi osewine izindondo eziningi ushiye emhlabeni unina nezingane zakwabo kanye nomyeni wakhe, uXaba, obekumele ahambe naye ngo-2024.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
