Uchazwe ‘njengehlazo elikhulu’ oweSundowns

Owayengumgadli weMamelodi Sundowns, uPhakamani Mahlambi, uchazwe ‘njengehlazo elikhulu’ ngowayengumqeqeshi wakhe uGavin Hunt. Lo mdlali oneminyaka engu-26 ubudala unikezwe ikhefu elikhulu kuBidvest Wits nguHunt ngaphambi kokudlulela ku-Al Ahly.

Ngemuva kokungaphumeleli nalezi zinkunzi zase-Egypt, uMahlambi ubuyele kuPSL wajoyina iSundowns kodwa akabange esangena ngaphansi kukaPitso Mosimane wabolekiswa izikhawu ezimbalwa. UHunt uthe uzame izikhathi ezimbalwa eminyakeni emithathu edlule ukuvuselela umsebenzi walo mgadli kodwa lo owayedlalela iWits akazange afune ukwenza umsebenzi.

“Umosha ithalente elikhulu nehlazo elikhulu. Sasinaye eqenjini lethu lentsha (kwiWits) futhi wayedlala indawo yonke kumqeqeshi uGlen Salmon kodwa ngangihlale ngicabanga ukuthi unombolo-9 ngoba wayeshesha kakhulu. Ngimfake eqenjini lokuqala ngamdlalisa emdlalweni wokuqala sibhekene nePlatinum Stars washaya into ecokeme,” kusho uHunt etshela iThisisfootball Africa.

“Sibe sesiyodlala ne-Al Ahly kuCaf Champions League, ebinabantu abangu-70 000 (enkundleni) bagcina bemsayinisele. Wahamba kahle futhi iholo lakhe lasuka ku-R20 000 ngenyanga laya ku-R500 000.

“Ube esebuyela kuSundowns kusobala ukuthi uyawa lapho ngase ngiya kuChippa United, ngihambe naye siyozijabulisa elangeni, ngimehlise khona, udlala umdlalo wakhe wokuqala ne-Orlando Pirates futhi ushaya igoli,” kuqhuba uHunt.

Uthe uMahlambi wayekhuluphele ngo-10kg ngesikhathi edlala kuChippa waphinde wanqamula umsipha we-Achilles emdlalweni wakhe wesibili kuleli qembu nokwamphoqa ukuthi ahlale izinyanga engadlali. Ngibe sengiya kuSuperSport, wangifonela wangibuza ukuthi angeza yini aziqeqeshe. Ngimtshela ukuthi ‘Phakamani, awudingi amasonto ayisithupha, udinga izinyanga eziyisithupha, kodwa singakulungisa emasontweni ayisishiyagalombili’,” kusho uHunt.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.