
kuhlukaniswa kanje ukuzila ngokwezigaba zabantu ekhaya.
1. Usokhaya kuba unyaka bese kuthi ihlambo lakhe lwenziwa ebusika kuphela ngenkomo nangembuzi eya emsamo lomsebenzi wenziwa umndeni wonke ngokubambisana bese kuthi iy’nsizwa zomuzi kumele ziphume inqina yokuyobuyisa umkhonto kasokhaya ekhaya lo osuke uhleshulwe inkosana emveni kokukhomba iliba yase iphosa umphini esizibeni bazothi bengaqeda bese indodana nendodana ngayinye yenze owayo umsebenzi wokugeza uyise umuntu ngamunye okuba inkomo nembuzi still amantomzana ahlanganisa imbuzi azogezwa ngayo ukuze angeke abe nesinyama sokungagani.
2. Unkosikazi wekhaya kuba izinyanga eziyisikhombisa yena wenzelwa ngenkomo kuphela kugezwe iy’ngane zamantomzana kuphela ngenyongo nangomswano phandle komuzi.
3. Indodana kuba u 6 months wenziwa ngenkomo for ukumfaka ekhaya.
4. Indodakazi nayo kuba inkomo agezwe afakwe ekhaya emva kwezinyanga ezintathu.
Balandwa kanje…
1. For usokhaya kuba umphafa.
2. For umama kuba umganu.
3. For indodana kuba umlahlankosi.
4. For intombazane kuba umtholo.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
