
Kelebogile Mabe owayengumdlali we Orlando Pirates uthi kunzima ukubonana nosihlalo we Orlando Pirates Dr Irvin Khoza ngenxa yokuthi unesithunzi. “Ujika endleleni mangabe ufuna ukhuluma naye, unguBaba oqotho kubobonke abadlali be Orlando Pirates.Ukhululekile njengoba uke esho ukuthi mangabe ufuna ukukhuluma nami ngithinte ufike ehhovisi lami.” kuchaza uMape.
Ulisebenzele kakhulu ibhola lakuleli uKhoza, uKelebogile Mabe ngomunye wabadlali abadala abafika eqenjini le Orlando Pirates badlala ibhola elisezingeni eliphezulu nendlela aziphatha ngayo ngaphandle kwenkundla yabayinhle njengoba akukho lapho enogcobho khona. Walandela abadlali abafana no Papi Khomane owayengukaputeni we Orlando Pirates nosanda kudlula emhlabeni engozini yemonto. Abanye abadlali abaziphatha kahle ebholeni ngaphansi kwe PSL singabala Thabo Mooki owayengumdlali we Kaizer Chiefs, khona manjalo uKhoza uyahlonishwa emhlabeni jikelele ngeqhaza lakhe lokuletha indebe yomhlaba yebhola lezinyawo kuleli ngo 2010
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
