
UFrancis White Buffalo Botha ukholwa ukuthi ukubakhona kukaHlula Dladla ongusihlalo wabahleli bezimpi KwaZulu-Natal kuzobanomkhulu umehluko ngoba uyiqonda kahle indlela yezamankomane. “Ngiyaqala ukubona umholi ohamba emazwini ka Nelson Mandela owayengumengameli wokuqala wentando yeningi yabantu abamnyama kuleli, ngemuva kokunqoba umdlalo wendebe yomhlaba kweqembu lamabhokobhoko wathula inkulumo yakhe wathi abantu abamnyama nabamhlophe bayohlanganiswa ngezimidlalo bagcine sebezwana njengoba kade bengezwani ngaphambilini.” kuchaza uBotha
Uqhubeke wathi uyakholelwa kuDladla ukuthi ozilinyusa izinga lalomdlalo: “ngicabanga ukuthi uDladla wenza okufunwa ngabantu base Africa yonke ukuthi abantu bebambisane babemunye.” kubeka uBotha. UFrancis “White Buffalo” Botha walwa nabashayi besibhakela bomhlaba abafana no Mike Tyson wase USA, Evender Hollyfied , Lenox Lewis, laba ngo sondonzima bomhlaba bokugcina abavelela.
Kucacela ngisho ingane esakhasa ukuthi izinga lesibhakela lehlile kakhulu kulesifundazwe, selokhu kwadlula emhlabeni uThulani Nkunzi Magudulela kulesifundazwe saKwaZulu-Natal, abahleli bezimpi abamhlophe bavele baphuma ngenxa yokugena kwemenenja ekhona Mike Dube.
UMike Dube bamsola ngokungathembeki ekuphatheni isibhakela, lokhu okudala sabona namabhokisa amhlophe nawo agcine eseshabalala ngenxa yokuthi abanye abahleli bezimpi abawaniki izimpi. Kuningi amabhokisa kanye nopromtha abakhala ngakho ngo Dube. Sekukaningi kukhalwa ngobuholi buka Dube njengomthelela wokwehlisa izinga lalomdlalo kulesifundazwe. Kusolakala ukuthi inhlangano engamele ezamankomane iBoxing SA nayo idonsa izinyawo ngokushintsha uDube kwazise ihlandla lokubangu Provincial Manager sesaphela.
Kuzoqhapheleka ukuthi selokhu kwaphatha uDube kulesifundazwe, sebeyindlala abahlophe kwezamankomane ngoba ngisho namaBhokisa amahlophe awasazitholi izimpi, kodwa kwezinye izifundazwe bayawanika amabhokisa amhlophe izimpi agcine engoshampeni bomhlaba.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
