
UFragie Lakay ongumgadli we Bafana Bafana ne Pyramids yase Egypt uzohola leliqembu emdlalweni we CAf Champions league. Leliqembu lizodlala ne Mamelodi Sundowns FC eLoftus Versfeld Stadium ngesonto ngehola lesithathu 15:00. ULakay ubonakalisa izinga eliphezulu kakhulu selokhu asayina eminyakeni embili edlule.
Usephenduke isilomo kubalandeli be Pyramids njengoba eyishayela amagoli amqoka, uFragie Lakay ngumdlali wesibili wakuleli odlala Egypt nodlalela iqembu elikhulu njengoba omunye umdlali odlala kuleli lase Egypt ngu Percy Tau oyisilomo kubalandeli be Al Ahly njengoba egila izimanga enkundleni ngokushaya amagoli . Leliqembu lase Egypt lizodlala lomdlalo ngaphandle komgadli walo wase DRC Congo Fiston Mayele oseshaye amagoli amane, lomgadli wayemantaniswa neqembu le Kaizer Chiefs ngokuqala kwesizini, kodwa wagcina engasayinanga njengoba wagcina ngokuthi asayine ku Pyramids , wayesuka ku Young African yase Tanzania lomgadli ongalibheki ipali.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
