
Inkakha yebhola yaseNigeria uJay-Jay Okocha usemukele umbono wokuthi uPitso Mosimane ajoyine iSuper Eagles njengomqeqeshi, uthe lo mqeqeshi ongowokuzalwa eNingizimu Afrika engaletha inzuzo eqenjini lesizwe laseNigeria. Lokhu kulandela amahlebezi amataniswa noMosimane neqembu lesizwe laseNigeria ngemuva kokuthi umqeqeshi ophethe uJose Peseiro eqale kabi kulandela ukuqala kabi imidlalo yokuhlungela i-2026 Fifa World Cup, lapho abadlale khona ngokulingana neLesotho neZimbabwe.
Engxoxweni ebibanzi neqembu leSouth African Football Journalists’ Association, uJingles, okuyigama adume ngalo uMosimane, uvumile ukuthi uzimisele ngokuqeqesha eqenjini lesizwe. Lo mqeqeshi owake waqeqesha iMamelodi Sundowns ne-Al Ahly usekhululekile ngemuva kokuhlukana ne-Al Wahda yase-United Arab Emirates.
Ekhuluma emgubhweni weBundesliga weminyaka engu-60 eSandton, enyakatho yeGoli ngoLwesine, u-Okocha uthe angakujabulela ukubona umqeqeshi osezingeni likaMosimane ethatha izintambo kumaSuper Eagles. “Ungomunye wabaqeqeshi abahamba phambili base-Afrika, Ngicabanga ukuthi uPitso angalithatha leliqembu alibeke kwelinye izinga, ngaphandle kokungabaza, ungomunye wabaqeqeshi abasezingeni eliphezulu base-Afrika,” kusho u-Okocha.
“Irekhodi lakhe libonwa yiwo wonke umuntu kanti uma thina [iNigeria] singathola umqeqeshi onjalo uzolengeza inzuzo ebholeni lethu. “Umqeqeshi unesipiliyoni esikhulu e-Afrika. Angazi ukuthi kuyiqiniso kangakanani lokho [amahlebezi], kodwa-ke umqeqeshi osezingeni likaPitso Mosimane wamukelekile kithina.”
U-Okocha uthe akakholwa ukuthi amaSuper Eagles alapho okufanele abe khona, yize eyiqembu eligcwele izinkanyezi nabadlali abafana nomgadli weNapoli uVictor Osimhen, umdlali wasesiswini we-AC Milan uSamuel Chukwueze kanye nomdlali wasesiswini we-Atalanta u-Ademola Lookman, phakathi kwabanye. “Angicabangi ukuthi silapho okufanele sibe khona,” esho. Besihlezi sikholelwa ukuthi singabanye abahamba phambili e-Afrika, kodwa muva nje besingenayo imiphumela ehambisana naleso simo. Kungenzeka ukuthi sesilahlekelwe kancane yileyo nhlonipho kanye novalo ebesinalo ngesikhathi sethu, futhi yilokhu esizama ukukubuyisa.” kuphetha lenkakha.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
