
UMthobisi Gabuzela odume emculweni ngegama lika G-Ugly uzolibangisa ezweni lase USA January, lapho emenye khona United States of America ekhuluma ne IBunda ngicela sigxile ngezinhlelo zamaholidi eMabomvini. “Ngijabulile kakhulu ukuthi ngizoba ngishiyelana namaciko akithi okokuqala, ngibonga abahleli bomcimbi ngokuhlanganisa amaciko ase Mabomvini. Ngizophinde ngikhangise ngomsebenzi wami omusha ngingasho ukuthi kusetshenziwe kakhulu, abathandi bomculo bangagijima beyoyithola ezitolo zomculo naku online ezinkundleni zomculo.” kusho G-Ugly
Uqhube wathi uthembisa abalandeli ukuthi bazobhema bakholwe: “ngithembisa ukuthi ngeke nakancane bazisole abayithengile njengoba umnyalezo kuyona uzowuthola.”
Khona manjalo leliciko lase eMabomvini liphokophele phambili njengoba ngonyaka ozayo lizojikeleza umhlaba wonke ngochunge chunge lomjikelezo abalandeli bami ngizobabona ngabo June. Njengoba umsebenzi wami uthandwa kakhulu ngaphesheya kwezilwandle nakuleli lase Ningizimu Africa. “:”Ngifuna ukuwusabalalisa nase Africa yonke, ngoba khona ingoma engizoyicula ngokuhlanganyela nomculi wase Nigeria kodwa ngeke ngilisho igama lakhe. Ngingakhuthaza intsha ehlezi emakhaya ngokuthi basukume bangahlali, akusho lutho ukuthi uphuma ekhaya elinjani noma endaweni enjani, njengoba niyazi ukuthi siphuma endaweni yase eMsinga ebibukeka idelelekile.” huphetha uG-Ugly
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
